NEWS
HOME /
NEWS / ISABELO SEZIGIDI EZINGU-15: UMASIPALA WESIFUNDA AMAJUBA UZIMISELE NGOKUBHEKANA NEZINSELELO ZAMANZI
ISABELO SEZIGIDI EZINGU-15: UMASIPALA WESIFUNDA AMAJUBA UZIMISELE NGOKUBHEKANA NEZINSELELO ZAMANZI
09 kuNhlaba 2025
KUBUYE ithemba kubekwa isamba esingango 15 million ukubhekelela izinselelo zamanzi ezibhekene nesiFunda Amajuba. Lokhu kumenyezelwe uloyo oyibamba leMeya kaMasipala uKhansela Thembelihle Mthembu ngesikhathi ethula isabelomali sikaMasipala ebesibanjelwe eMzilikazi Secondary school kuwadi 3, ngaphansi kukaMasipala wendawo yaseMadlangeni. Lesi sinyathelo sihlose ukubhekana nesihlava sokushoda kwamanzi, inkinga yabazixhumela ngokungemthetho, amapayipi avuzayo, kanye nompompi abomile okuhlasele lesi sifunda isikhathi eside kakhulu. Lolu h
lelo lwenziwa ngaphansi komkhankaso owaziwa nge- "Operation MBO / War on Leaks," lo mkhankaso usuvele ukhombise imiphumela ethembisayo, uletha amanzi ezingxenyeni eziningi zesifunda.
Kodwa akugcini lapho, uMasipala uzimisele ukugqugquzela ukukhula komnotho nentuthuko esifundeni. IMeya yase-Emadlangeni uCllr Mzwakhe Buthelezi kanye neMeya kaMasipala wesiFunda sase-Amajuba uCllr Thembelihle Mthembu bethule ngokuhlanganyela osomqulu bentuthuko edidiyelwe phecelezi Integrated Development Plan (IDP) kanye nesabelomali esihleliwe sonyaka wezimali ka-2025-2026, begqamisa izindawo ezisemqoka ezifana nokuthuthukiswa kwengqalasizinda, ukulethwa kwezidingongqangi, ukuthuthukiswa komnotho kanye nokuthuthukiswa komphakathi.
Omasipala bakhipha konke okusemandleni ukuthuthukisa izimpilo zezakhamizi nokukhuthaza ukukhula komnotho. Kusukela ekwakhiweni kwemigwaqo namabhuloho kuya ekuhlinzekeni ngezinsizakalo eziyisisekelo ezifana namanzi, ukuthuthwa kwendle nogesi, kugxilwe ekwakheni indawo evumela amabhizinisi ukuthi aphumelele. Omasipala baphinde babeka phambili intuthuko yomphakathi, kufaka phakathi ukunakekelwa kwezempilo, imfundo, kanye nenhlalakahle yomphakathi, ukusekela nokunika amandla amalungu omphakathi asengozini.
Kodwa imizamo kamasipala ayigcini lapho. Ngenhloso yokuxhasa ukuthuthukiswa komnotho wendawo, iMeya kaMasipala wesiFunda sase-Amajuba inikeze amasheke angama-R5 000 kubahwebi e-eMadlangeni, ngenhloso yokunikeza ukugqugquzeleka okudingekayo kulaba osomabhizinisi. Ngaphezu kwalokho, iMeya yaseMadlangeni inikeze abanikazi bamabhizinisi amancane imishini yokukhulisa nokugcina amabhizinisi abo.
IMeya yase-Emadlangeni iphinde yagcizelela ukubaluleka kokubandakanyeka, ukuqinisekisa ukuthi abantu abaphila nokukhubazeka bafakiwe kuzo zonke izinhlelo eziphethwe ngumasipala. Lokhu kuzibophezela ekubandakanyeni kuyisinyathelo esamukelekayo, ukuqinisekisa ukuthi izidingo zazo zonke izakhamizi ziyabhekwa futhi zibhekwe ezinhlelweni zentuthuko zikamasipala.
Author: Amajuba District Municipality
published date: 2025-06-23
Gallery