POPI Act Notification

Amajuba District Municipality is committed to protecting your personal information in line with the Protection of Personal Information Act (POPIA). By continuing to use this site, you consent to the collection and use of your personal information for lawful purposes.

NEWS
HOME / NEWS / YETHULWE NGEMPUMELO I-AMAJUBA DISTRICT CHANGEMAKERS YOUTH COUNCIL
YETHULWE NGEMPUMELO I-AMAJUBA DISTRICT CHANGEMAKERS YOUTH COUNCIL
21 kuNhlangulane 2025 Emizameni yokuqinisa ubudlelwano phakathi kwabaholi bezenkolo kanye nomkhandlu wesifunda Amajuba ngaphansi kobuholi beMeya uKhansela Thembelihle Mthembu, umkhandlu wentsha yaseMajuba District Changemakers wenze umcimbi oyisipesheli ehholo lomphakathi Osizweni ukugcoba Umfu Vusumuzi Nene nokwethula ngokusemthethweni umkhandlu wentsha. Lo mcimbi ubanjwe ngenyanga yabantu abasha ubuhlanganise abaholi abasebasha, osomabhizinisi abancane namalungu omphakathi asemabandleni ehlukene ukubungaza ukwethulwa kwesahluko esisha sokuthuthukisa
intsha. Okugqame kakhulu kulo mcimbi kube ukuhambela kweMeya kaMasipala wesiFunda Amajuba, uCllr Thembelihle Mthembu, obemenywe ukuba yingxenye yalo mcimbi obalulekile. Ukuba khona kweMeya uMthembu kugcizelele ukuzinikela kukamasipala ekwesekeni nasekufukuleni abantu abasha bakulesi sifunda. Ukugcotshwa koMfu Nene njengo sihlalo kube wuphawu olukhombisa ukuzibophezela komkhandlu wentsha ekusebenzeleni umphakathi nokugqugquzela inhlalakahle yabantu abasha. Lo mcimbi ubunamandla, iningi labantu abebewuhambele lizwakalise ukweseka lo mkhandlu wentsha. Ukwethulwa komholi woMkhandlu Wentsha Yabaguquli Besifunda saseMajuba kuwuphawu oluyingqophamlando emizamweni yesifunda yokugqugquzela ukuthuthukiswa kwentsha kanye nokufukula abantu abasha. Lo mkhandlu uthembisa ukuthi uzoba yinguquko entsheni kulesi sifunda, uyinikeze inkundla yokuzwakalisa izikhalo zayo, iveze imibono yayo, ifake isandla ekuthuthukisweni kwemiphakathi yangakubo. Osomabhizinisi abancane abavela emikhakheni eyahlukene nabo bebekhona, bekhombisa ngemikhiqizo yabo kanye nokuxhumana nabanye abebehambele lo mcimbi. Ukuba khona kosomabhizinisi abancane kugcizelele ukubaluleka kosomabhizinisi nokuthuthukiswa komnotho kulesi sifunda. Lo mcimbi ubufakazela amandla okusebenzisana nezinhlangano zezenkolo ezahlukene njengoba amabandla ahlukene ehlangene ukuzokweseka inhloso yomkhandlu wentsha. IMeya uMthembu ihalalisele umkhandlu wentsha yaseMajuba District Changemakers ngokwethulwa nokugcotshwa koMfu Nene wabo. "Ukusungulwa kwezinhlelo ezifana neMajuba District Changemakers Youth Council ngokungangabazeki kuzosisiza ekubhekaneni nezinselelo ezibhekene nesifunda sethu. Kumele sibhekane ngqo nezinkinga zethu, nezinhlelo ezifuze lezi zizokwenza umehluko obonakalayo." Ukuzwakaliswa kweMeya kugcizelele ukuzibophezela kukaMasipala ekusebenzisaneni nomkhandlu wentsha ukubhekana nezidingo nezikhalo zabantu abasha bakulesi sifunda. Lo mcimbi uphethe ngethemba nesasasa, njengoba abebewuhambele bebheke ngabomvu umthelela ozokuba nawo umkhandlu wentsha waseMajuba District Changemakers emiphakathini yabo. Ngokusekelwa umasipala nomphakathi, umkhandlu wentsha umi ngomumo ukwenza umehluko obonakalayo empilweni yabantu abasha bakulesi sifunda. Lo mcimbi ubuhanjelwe usotshwephu wase Majuba uKhansela Andile Nkosi, iSekela Meya uKhansela Sithole, usotshwephu wase Newcastle kanye nabaholi bezenkolo abahlukene.
Author: Amajuba District Municipality
published date: 2025-06-23