UMeya ugubhe usuku lokuzalwa nentombi endala ehlanganisa ikhulu (100) leminyaka

"Izibusiso esinazo zivela endleleni esiphatha ngayo abantu abadala esibagcinelwe wuNkulunkulu. Konke esikwenzayo ukunakekela abantu abadala kufana nokutshala, ngelinye ilanga siyovuna okuthile ngokuphatha kahle asebekhulelile nasebebuthakathaka".

 

Lana ngamazwi abekwe wuMeya uKhansela uMtwana Ndabuko Zulu emcimbini womndeni wakwaHadebe eMadadeni obuhlangene ukubungaza isibusiso sikaGogo uBeatrice MaNkosi Hadebe osehlanganise iminyaka eyikhulu (100) edla anhlamvana.

 

Ugogo uHadebe utuswe kakhulu ngokuba yisibani nosizo komakhelwane kuzo zonke izimo. Ubongwe kakhulu yizikhulumi ngegalelo akabe nalo ukunakekela abantu abaningi umzimba namandla kusavuma.

 

UMeya uZulu umbongele kakhulu ugogo uHadebe ngokukhula afike kule minyaka. Ube esedlulisa nencwadi ebhalwe wuMongameli wezwe uMnumzane Cyril Ramaphosa obedlulisa amazwi okuhalalisela ugogo MaNkosi ngaleli banga aselihambile.

 

Ezibongela ugogo ubabaze ubukhulu bukaJehova omgcine kwaze wafika lesi sikhathi. Uthe abekufisa kakhulu kunakho konke ukugubha lolu suku noMtwana wakwaPhindangene amhlonipha kakhulu ngamagalelo akhe okushintsha izimpilo zabantu.

 

UMeya uMntwana Ndabuko Zulu uqinisekise ugogo Hadebe ukuthi uzoziyela mathupha kuMntwana wakwaPhindangene eyobika ngobekuyisifiso sikagogo.