UMASIPALA WESIFUNDA AMAJUBA UKUBEKE EQHULWINI UTHUTHUKISWA KWAMAKHONO EZEMIDLALO

Abathandi bezemidlalo ngaphansi koMasipala isiFunda Amajuba bawusonge kahle unyaka njengoba, ube yimpumelelo umqhudelwano waminyaka yonke owaziwa ngokuthi iCharlestown.
Lo mqhudelwano oba izinsuku ezintathu khona endaweni yaseCharlestown ngaphasi kukaWadi 1, inhloso yawo ingeminye yemizamo yoMasipala wesiFunda Amajuba oholwa uMhlonishwa uMntwana uNdabuko Zulu ukugqugquzela ubumbano uphinde uvundulule amakhono entsheni engaphansi kwalesi Sifunda.
Nonyaka iqembu elidle umhlanganiso kube iCellies FC, kwathi isibili salalwa iCharlestown united FC.
IPhini leMeya uCllr uThembelihle Mthembu obengamele ukunikezelwa kwemikomelo, ushayele ihlombe abahleli balomcimbi ukungapheli amandla ekwakheni ubumbano emiphakathini engaphansi kwezindawo ezisemakhaya.
"Siyabahalalisela abanqobe umqhudelwano walo nyaka bakhombhise ukuzimisela okukhulu, ukuhlula amaqembu ali-14 akuyona into encane neze. Siyabona ukuthi imizamo kaMasipala ukusimamasi amakhona ayiyona ilezeleze." kusho uCllr uMthembu.
Abahleli balo mqhudelwane badlulise amazwi okubonga kwiMeya kaMasipala waseMajuba ngokwelula isandla ekuxhaseni umbono womphakathi okuhloswe ngawo ukuqinisa ubumbano emphakathini.
"Siphinde sidlulise amazwi okubonga kuzona zonke izisebenzi zikaMasipala ezifake isandla ukuthi lo mqhudelwani ube impumelelo. Sithokoza kakhulu kumhlonishwa uMthembu, ngokuba angamele umcimbi ngeqophelo eliphezulu ngalendlela. Ngeke sakukhohlwa okwenzeke ekuqaleni kwesonto, okuwukukhothama kweZinyane ngalokho sidlulisa amazwi enduduzo kumndeni waKaZulu sinawo kulesi sikhathi esinzima" kusho abahleli bomqhudelwano.