UMASIPALA WESIFUNDA AMAJUBA NEZISOMBULULO ZAMANZI EMADLANGENI
Ukuntuleka kwamanzi sekuyinto yakudala kumphakathi waku Wadi 3 no 6 ngaphansi kukaMasipala wendawo eMadlangeni. Lokhu kulandela ukunikezelwa ngokusemthethweni kweziphehli manzi(phecelezi boreholes) ezinhlanu kuMasipala wesiFunda Amajuba inhlangano I-Municipal Infrastructure Support Agent(MISA) kanye ne Tirisano trust Fund abebehola uhlelo lokuvuselela baphinde bafaka iziphehli manzi ezintsha.
Inkinga yamanzi inkinga enkulu kusona sonke isifunda kanye ne sifundazwe uqobo. Yingakho loMasipala uzama ukuqhamuka nezinye izindlela ukulethela abantu bakulesi sifunda amanzi.
IPhini leMeya uCllr Thembelihle Mthembu ngenkathi ethula inkulumo yakhe emahhovisi omkhandlu uthe imizi eminingi ayinawo amanzi kompompi noma amapayipi axhunywe ngqo ezindlini zawo, kanti balinganiselwa ku-26.8% abathola amanzi ngamapayipi ezindlini bese kuthi abangu - 13.3% abasasebenzisa ompompi bomphakathi.
"Ukulethela umphakathi wethu amanzi ahlanzekile, kuyinto eseqhulwini kithi njengobuholi besifunda. Ngonyaka odlule sabeka eceleni imali engango -R3 Million wezigidi zamarandi, ukuthi sikwazi ukuvuselela iziphehli manzi ezindala ukuze sibuyise isithunzi kubona bonke abantu esibaholayo. Lolu hlelo luhamba kahle kakhulu njengoba lusaqhubeka," kusho Cllr Mthembu.
UMnu Corrie Pretorius, ovela ka Tirisano Trust Fund uthi njengoba bezonikeza umasipala lezi ziphehli manzi ngokusemthethweni, kuzodingeka ukuthi bayilalele yonke imiyalelo abazobashiya nayo, ezokwenza iziphehli manzi zihlale isikhathi eside. Ukuhlolwa kwamanzi njalo ngonyaka kumqoka ukuqinisekisa ukuthi abantu bathola amanzi aphephile ngaso sonke isikhathi.
Ezinye zalezi ziphehli manzi zilethe enkulu intokozo njengoba ibekwe emagcekeni esikoleni I Kingsley Sivananda Combined School esiku Wadi 6.
IPhini leMeya uCllr Mthembu, ube esehola ithimba lonjiniyela ukuyozibonela lezi ziphehli manzi ephelezelwa imenenja kaMasipala Amajuba uMnu Mpume Manqele, uSomlomo wase Danawozi Cllr uMyaka, u USomlomo wase Madlangeni u Cllr Qwabe, uThishanhloko uMnu Mayisela, uMnu Nxumalo obemele abazali, INduna yesizwe sakwa Mbatha, uMnu Nkwanyana kanye namakhansela ase Majuba.