UGUBHAZELWE UTHOTHOLWANE UMPHAKATHI WASE - EASTBOURNE NGESIKHATHI IBAMBA MEYA UMHLONISHWA KHANSELA T MTHEMBU LIVULA UMPOMPI OBUSUWOME IMINYAKA EMINE KWAXHAXHAZA AMANZI.
Ukukhala ngokungabi khona kwamanzi endaweni yase Eastbourne Farm ku wadi 10 ngaphansi kukaMasipala wendawo yaseDanawozi sekuyinto eyiphupho kulamalunga omphakathi. Loyo oyibamba leMeya kuMasipala wesiFunda Amajuba, uMhlonishwa Khansela Thembelihle Mthembu usefeze isithembiso asenza kumalunga
alomphakathi mhlaka 30 kuZibandlela 2024 ngesikhathi ebahambisele amaloli aphatha amanzi.
Umkhandlu weSifunda Amajuba njengaba hlinzeki bamanzi abasemthethweni ngaphansi koMasipala bendawo baseDanawozi kanye nase Madlangeni wenza konke okusemandleni ukulekelela imiphakathi ngalesi sikhathi esinzima njengoba iSifunda sonke, iSifundazwe kanye nezwe lonke kubhekene nesomiso kanye neshisandlu.
IBamba leMeya uMthembu lihambele eminye yemizi eyakhele indawo yase Eastbourne Farm ukuhlola ukuthi amanzi aseyaphuma ezimpompini. " Kusithokozisa kakhulu NjengoMkhandlu ukubona injabulo kubantu esithunywe ukuthi sibanakekele. Sithe uma sifika sathola ukuthi eminye yemindeni ineminyaka engaphezu kweyisikhombisa yagcina ukuba namanzi ezimpompini. Kodwa njengobuholi obunakekelayo sikwazile ukubalethela izisombululo ebekade bekhala ngazo yonke leminyaka," kusho IBamba leMeya uMthembu
UKhansela Mthembu, ubonge kakhulu ukwesekwa akuthola kuloyo obambe njenge Menenja kaMasipala uMnu Thulani Dube.
UNkk Mabaso, ohlala khona e Eastbourne Farm ku wadi 10 eDannhauser udlulise amazwi entokozo kubahlonishwa ngesikhathi behambele umuzi wakhe." Bese kuyiminyaka eminingi kakhulu sagcina ukubona nje amanzi ephuma ezimpompini zethu. Siyabonga kumhlonishwa uMeya ngokusilungisela lenkinga ebesingayazi ukuthi izothiwani."
IBamba leMeya uMthembu, lilokhu libonakale njalo lisebenza ngokuzikhandla lihambisela amalunga omphakathi amanzi. Lena eminye yemizamo yakhe ukulekelela ukuthi amanzi afinyelele kubantu njengoba kuyinto eyaziwayo ukuthi amanzi ayashoda kanti futhi neSifunda sibhekene nesomiso.