UBEYIMPUMELELO UMHLANGANO WAMAKHOSI ASENDLUNKULU NOMKHANDLU WESIFUNDA AMAJUBA

workimg
UMasipala weSifunda Amajuba ngaphansi kobuholi bebamba leMeya Umhlonishwa uKhansela Thembelihle Mthembu, usingathe ngempumelelo umhlangano wesidlo sasemini naMakhosi ezizwe ezakhele iSifunda Amajuba. Lomhlangano wekhethelo ububanjelwe ehholo laseBalele Game Park ngaphansi kukaMasipala wendawo eMadlangeni.
Ethula inhloso yalombuthano loyo obambe njenge Menenja kaMasipala uMnu Thulani Dube, ugcizelele ukuthi Amakhosi Asendlunkulu ayingxenye ebalulekile ekuthathweni kwezinqumo zikaMasipala njengoba engenaso isikhathi sokubusa njengabaholi abakhethiwe ngakho-ke kumele manje afakwe emihlanganweni yoMkhandlu, njengoba kuyiwona asondelene noMphakathi eyakhele izindawo zawo.
IBamba leMeya uMthembu ubebize lomhlangano ngenhloso yokufakana imilomo nabaholi beNdabuko njengoba kuyibona abaseduze nemiphakathi. UMthembu uthi ukuqinisa ubudlelwane phakathi kuka Hulumeni kanye naMakhosi AseNdlunkulu, bakwenza ngaphansi kwezimiso zikaMntwana wakwaPhindangene owayekholelwa kakhulu ebuholini bendabuko, njengoba lokhu wakutshengisa kwaze kwaba
sekugcineni.
"Ukuhlangana kwethu naMakhosi ezizwe namhlanje, besizocela sibonisane nabo ukuthi izidingongqangi zomphakathi zifinyelela kanjani kubona. Sikwazi nokuthola imibono evela kubona oNdabezitha. Thina njengoba siwuMkhandlu obhekelele izindawo eziholwa Amakhosi kumele singabashiyi ngaphandle ekuthathweni kwezinqumo," kwenaba iBamba leMeya uMthembu.
IMeya kaMasipala wendawo yase Madlangeni uMhlonishwa Khansela Mzwakhe Buthelezi kanye noMeya waseNyukhasela obuye abe uSihlalo kaSALGA KwaZulu-Natal uMhlonishwa Khansela Xolani Dube badlulise ukubonga ukuthi uMkhandlu weSifunda Amajuba uhlele umbuthano ofana nalona lapho bekwazile ukuzizwela mathupha eMakhosini izingqinamba abhekene nazo, kanye nezinto abafisa ukuthi uMkhandlu ulekelele ngazo ukuthuthukisa uMphakathi.
UMphathi wesiteshi samaphoyisa eMadlangeni, uMnu Magudulela udlulise izinselelo ababhekene nazo njengamaphoyisa, waphinde wanxusa Amakhosi ezizwe ukuba anciphise ukudayisela izihambi izindawo ngoba lokhu kuyengeza ebugebengwini okwenzekayo kusona isifunda.
Inkosi yeSizwe saseMgundeni iNkosi Mabaso uphakamise ukukhathazeka ukuthi kunamadamu amanzi akhona kuSifunda Amajuba eMadlangeni kodwa aphakela ezinye iZifunda. Uthi lokhu kudinga ukuthi kushintshe ngoba neSifunda Amajuba siyawadinga lamanzi njengoba kunokushoda kwamanzi.
Izisombululo ezibekwe etafuleni zizoqhubeka zidingidwe kwimbizo yamanzi ebizwe uMkhandlu weSifunda Amajuba NgoLwesihlanu, ukuthola izindlela ezintsha zokulekela izakhamuzi kulenkinga yamanzi.
Lo mbuthano ubuhanjelwe Amakhosi ezizwe, ONdlunkulu, iZinduna, Amakhansela emiKhandlu eyahlukene, Osotswebhu, kanye noSomlomo. #UMkhandluWeSifundaAmajubaUsebenzelawena
#Sethembe