Kube yimpumelelo ukuthulwa koHlahlomali kanye nezinhlelo ezididiyelwe konyaka wezimali ka-2023/24
Ngokulawulwa umthetho woMasipala iMunicipal Systems Act isigaba sesine (4) uMkhandlu uphoqeleke ukuthi ube nezinhlelo zokubonisana nokuzwa izimvo zamalunga omphakathi mayelana noHlahlomali kanye nezinhlelo ezididiyelwe. Izinhlelo ezididiyelwe yizona ezihlahla indlela ngesabelomali. Sekuhlangene isabelomali kanye nezinhlelo ezididiyelwe yikhona okube sekunikeza isithombe esicacile emphakathini kanye nasezinhlakeni ezahlukene ngezinhlelo zentuthuko okumele bazilindele eMkhandlwini onyakeni wezimali.
UMkhandlu weSifunda Amajuba ngokulandela lolu hlelo oluchazwe ngenhla ube nezigcawu zokubonisana nemiphakathi kanye nezinye izinhlaka ngoHlahlomali kanye nezinhlelo ezididiyelwe konyaka wezimali ka-2023-24. Lezi zigcawu zibe ngomhla ka-11 kanye no-17 kuMay ka-2023.
UMeya uKhansela uMntwana Ndabuko Zulu wethule uHlahlomali kanye nezinhlelo ezididiyelwe okukhuluma ngqo nezingqinamba zentuthuko eSifundeni Amajuba. UMeya uthule lezi zinhlelo ngaphansi kwesiqubulo esithi “Sikhuphula izinga lokulethwa kwentuthuko emphakathini”. Uhlahlomali kanye nezinhlelo ezididiyelwe zoMkhandlu weSifunda Amajuba kwakhiwe ngendlela yokuthi kubhekane kakhulu nokuthuthukiswa kwengqalasizinda, ikakhulukazi emkhakheni wokuphakelwa kwamanzi nezezindlu zangasese ukuze kuqinisekiswe ukuhanjiswa kwentuthuko ngokwezinga eliphezulu.
Lezi zigcawu ebezihlelwe wubuholi boMkhandlu zinikeze amalunga emiphakathi kanye nezinhlaka ezahlukene ukuba zilethe izethulo zazo ekwakhiweni koHlahlomali kanye nezinhlelo ezididiyelwe kuka-2023-24.
Kwezinye zezinto ezivuke emphakathini udaba lokuswela amanzi kwabantu ikakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya yilo obeluseqhulwini kulezi zigcawu.
UMeya uMntwana uZulu uvele wahlala kulo izithonto lolu daba oselube wutwayi kubantu abaningi ethula ezinye izinhlelo ezizoqinisekisa ukuthi inkinga yamanzi kuyabhekwana nayo. “Ukubhekana nenkinga yokuphakelwa kwamanzi ezindaweni zasemakhaya la abantu bengakabi nezimpompi emagcekeni singaqinisekisa ukuthi njengoMkhandlu sithenge izimoto ezithutha amanzi ahlanzekile ezimbili. Sikwenze lokhu ukwethula abantu bakithi umthwalo nosizi ababhekene nalo ngenxa yokuswela amanzi”, kubeka uMeya.
UMeya uphinde wagcizelela ukuthi ezinhlelweni zoMkhandlu izinhlelo zokuphakelwa kwamanzi, udaba lokuthuthwa kwendle, ezezinhlekelele, ukuthuthukiswa kwabantu abasha ngezinye zezinto eziseqhulwini kulezi zinhlelo ezithulwa wuMkhandlu.
Kulezi zigcawu akugcinwanga ke ngokuthi kukhulunywe bese kubuyelwa emakhaya. UMkhandlu ubulethe ezinye izinsiza okuhlanganisa ukufakwa kwezicelo zezibonelelo noshwele kulabo abathathwa njengabahlwempu nabangenawo amandla okukhokhela ngokuphelele izindleko zamanzi nokuthuthwa kwendle.
The Honourable Mayor applauded the members of the community for actively engaging in the municipality's decision-making process and assured them that their inputs would help shape the municipal budget according to their needs.
UMeya egameni lobuholi bonke boMkhandlu uncome kakhulu amalunga omphakathi abehambele lezi zigcawu ngemibono eyakhayo. Uphinde wancoma kakhulu labo abasebenzise lezi zigcawu ukugxeka la ababona ngathi akuhambi khona kahle.