ITHAKASELWE INGXOXO YEZAMABHIZINISI YABANTU ABASHA

ITHAKASELWE INGXOXO YEZAMABHIZINISI YABANTU ABASHA

29 JUNE 2023

UMkhandlu weSifunda Amajuba ngaphansi kobuholi, buka Mhlonishwa, iMeya uKhansela uMNtwana Ndabuko Zulu, uzimisele ukulekelela intsha ebhekane nezinselelo nobunzima njengo somabhizinisi abasafufusa abakhele lesi Sifunda. Lokhu kuvele ngesikhathi kunengxoxo ebizwa ngo" Hlelo lokuxoxisana nabantu abasha abasemkhakheni wezamabhizinisi". Lolu hlelo belubanjelwe emahhovisi woMkhandlu Amajuba namhlanje ekuseni ngomhla ka-29 June 2023.

IPhini leMeya yoMkhandlu Amajuba, uKhansela Thembelihle Mthembu, obeyingxenye yalesi sithangani, uthe kuyamuthokozisa kakhulu ukuthi intsha iphume ngobuningi bayo uma uMkhandlu ushaya ikhwela.

"Kukhombisa kona ukuthi nina njengentsha nizimisele futhi niyaluthakasela uhambo lokuzama ukusimamamisa umnotho. Ukuvuselelwa komnotho kuwumsebenzi omkhulu futhi siyenqaba ukuvumela izinselelo esibhekana nazo endleleni zisiphazamise lana siphokophele khona, siyaqinisekisa ukuthi sizokwazi ukululamisa umnotho wethu ngokubambisana. Ingakho ke kubalulekile ukuthi siqhubeke nokweseka amabhizinisi ikakhulukazi lawa aphephwe intsha," kubeka iPhini leMeya uMthembu.

UCllr Mthembu, uthi uMkhandlu ubeke eceleni imali engango R100 000 ezonikwa osomabhizinisi abathathu bendawo, ukuzama ukuthuthukisa amabhizinisi abo. Uthi osomabhizinisi ukuze bakwazi ukuba yinxenye yalolu hlelo kuzomele bafake izicelo ezizochaza kabanzi ngebhizinisi labo. Isicelo kumele singeqi emakhasini amathathu. Ilapho kuzoqala khona uhlelo lokuhlungela abathathu abazothola lolu xhaso. Imiklomelo Imi kanjena:

(owokuqala uzothola uR 50 000,

-owesibili kube R30 000 mese

-owesithathu ehlomule ngo R20 000.

UMnu Sihlangu Ngobese, ovela ngaphansi kophiko lwezokuthukiswa komnotho wasekhaya kuwona uMkhandlu weSifunda Amajuba , uthi ngemuma kweNgqungquthela okuthuthukisa kwezoMnotho wendawo ababe nayo njengenxenye yokugubha inyanga yentsha, uthi ziningi izinto abavumelana ngazo ngesikhathi sale ngqungquthela. Uthi base bekhetha ukuthi kube izona abazogxila kuzo njengesisekelo sokumele kuxoxwe kuphindwe kwenziwe.