IMEYA KAMASIPALA WESIFUNDA AMAJUBA IHALALISELA GOGO NOMKHULU BESIFUNDA BEPHUMA ISIBILI KUMA GOLDEN GAMES

workimg
IMeya kaMasipala wesifunda Amajuba uKhansela uMntwana Ndabuko Zulu uhalalisele bonke ogogo nomkhulu abebeyinxenye yemidlalo yama Provincial Dlala mtodala Golden Games ka 2024, ngokuzimisela abakukhombise kulempelasonto emidlalweni ebibanjelwe eMandeni,ngaphansi kukaMasipala weSifunda iLembe.
Uthi kubonakale ngamehlo ukuthi kuguga othandayo, njengoba ogogo nomkhulu abebemele iSifunda Amajuba benze ezibukwayo beqhwakela isibili kumqhudelwano we-Provincial Golden Dlala mtodala Games ka 2024.
Lo mncintiswano waminyaka yonke okuhloswe ngawo ukukhuthaza indlela yokuphila enempilo nokuzinakekela kubantu abadala ohlelwa ngokubambisana yiHhovisi likaNdunankulu, kanye neminyango yezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko, eyokuThuthukiswa koMphakathi kanye nezeMpilo.
Noma iTheku lidle umhlangano, kubonakalile ukuthi kusale kancane kakhulu phakathi kwabo nabaphume isibili okukhombise ngokusobala ukuthi zonke izifunda bezizimisele.
Imiphumela imi kanje:
1. EThekwini 557 amaphuzu
2. Amajuba 523
3. Ugu 501
4. Harry Gwala 489
5. Inkosi uCetshwayo 477
6. Umzinyathi 475
7. ILembe 389
8. Umgungundlovu 383
9. Zululand 354
10. Uthukela 299
11. Umkhanyakude 264