IBE IMPUMELELO INDUMEZULU YENKONZO YAMABANDLA KUMASIPALA WESIFUNDA AMAJUBA

workimg
Inkinga yezidakamizwa, izingozi zomgwaqo, inkinga yobugebengu zingezinye zezinto okukhulekwe ukuba uNkulunkulu angenelele kuzona kwindumezulu yenkonzo yokuvula unyaka ebihlelwe uMasipala waSifunda Amajuba, isiteshi somsakazo iNewcastle Radio kanye nezinhlangano zezenkolo ezahlukene obusehholo lomphakathi Osizweni.
Le nkonzo ibihlanganise amabandla ahlukene akusona lesi Sifunda, Amakhosi kanye nabelaphi beNdabuko.
IMeya kaMasipala, uMntwana Ndabuko Zulu ithe inhlosongqangi yale nkonzo wukukhulekela izinto ezahlukene eziyizinkinga ezibhekene neSifunda.
Uthe njengomasipala bayazi ukuthi ukuhlakanipha kwabo akuphelele uma uMvelinqangi engekho phakathi kwabo njengabaHoli besifunda.
"NjengoMkhandlu sikubeka phambili ukuholwa yilaba abasondelene noMdali. Lo mkhuleko ubaluleleke kakhulu njengoba iNingizimu Afrika yonke isesikhathini esibaluleke kangaka sokhetho luka 2024. Ngokuhamba ezinyathelweni zika Mntwana wakwaPhindange owayencike kakhulu emthandazweni ukuze akwazi ukuhola isizwe ngobuqotho " kusho uMntwana Zulu.
UMeya Zulu ugcizelele ukuthi njengomasipala bayakwazisa kakhulu ukubaluleka kokuba nobudlelwane obuqinile nobuhle nabamabandla ehlukene aseMajuba.
UMfundisi T. Zwane, ongumengameli wenhlangano Amajuba Ministry Christian Council uthe kuyathokozisa ukuhlangana kwalolu hlobo lapho bezokhulekela ubumbano, ukuthula kanye nobuhlakani kubona bonke abaholi besifunda.
Le nkonzo iphinde yasebenza ukubungaza iminyaka engamashumi amabili kwasungulwa umsakazo iNewcastle Radio, okungumsakazo womphakathi wakuyona lendawo.
UNkk. Marcia Evans, ongumphathi siteshi, udlulise ukubonga ukusebenzisana okuhle phakathi kwabo njengomsakazo nomasipala weSifunda.