POPI Act Notification

Amajuba District Municipality is committed to protecting your personal information in line with the Protection of Personal Information Act (POPIA). By continuing to use this site, you consent to the collection and use of your personal information for lawful purposes.

Amajuba District Municipality News

I-AMAJUBA DISTRICT AIDS COUNCIL IHLALE NGEMPUMELELO UKUHLOLA INQUBEKELA PHAMBILI NGOKUSEBENZA KWAYO

March 12, 2026 Amajuba District Municipality

25 kuNhlolanja 2026 Amajuba District AIDS Council (DAC) namhlanje ibambe umhlangano wayo wekota ngaphansi kobuholi beMeya esambambile uKhansela Thembelihle Mthembu, iholwa ngokubambisana noDkt NG Hlope njengoSihlalo abambisene naye.

Lo mhlangano uhlanganise abamele uhulumeni, izinhlangano zomphakathi kanye nabanye ababambiqhaza ababalulekile ukubuyekeza inqubekelaphambili, ukubhekana nezinselelo nokwenza ngcono ukubambisana emzabalazweni wokulwa nesifo sesandulela ngculazi, isifo sofuba, izifo ezithathelana ngokocansi kanye nodlame olusekelwe ngobulili. I-DAC ihlala njalo ngekota ngenhloso yokuqwashisa nokunika amandla abantu besifunda ngolwazi, kanye nokuzama ukuvala igebe emkhankasweni kazwelonke wokuvala igebe lokwelashwa labantu abayizigidi eziyi-1.1 (Close the Treatment Gap Campaign).

Lo mkhankaso uhlose ukuqinisekisa ukuthi bonke abantu abatholakale bene-HIV baqalwa futhi baqhubeke nokwelashwa ukuze kwehliswe ukusabalala kwaleli gciwane. “I-District AIDS Council iyinkundla ebalulekile yokuqinisa ukubambisana nokuqinisekisa ukuthi akekho oshiywa ngaphandle ekutholeni imishanguzo esindisa izimpilo. Umsebenzi wethu umayelana nokubuyisa isithunzi, ukusindisa izimpilo nokunika amandla imiphakathi yethu ngolwazi nokwesekwa,” IBamba leMeya uKhansela Mthembu. Umkhandlu ubike inqubekelaphambili ekhuthazayo ekutholeni iziguli ebezilahlekile ngesikhathi sekota edlule ezayeka ukuthatha imishanguzo yazo. UMnyango Wezempilo usuthole abaningi babo waphinde wabaxhumanisa nezinsiza zokwelashwa.

Ngaphezu kwalokho, uMnyango usuthole imvume yokungena e-Emabhodini Industrial ukuze uqhubeke nokweseka iziguli nokuqinisekisa ukuthi ziyaqhubeka nokwelashwa kwazo. “Siyajabula ngenqubekelaphambili esiyenzile ekutholeni nasekwesekeni iziguli ezaziyeke ukwelashwa. Lokhu kukhombisa ukuthi uma uhulumeni, izinhlangano zomphakathi kanye nemiphakathi besebenzisana, singalivala igebe lokwelashwa futhi sithuthukise impilo yabantu esifundeni sethu,” kusho uMthembu. Izinhlangano zomphakathi nazo zibike ngezinhlelo ezisetshenzisiwe kule kota ukusabalalisa ulwazi nokukhuthaza izindlela zokuvimbela i-HIV ne-AIDS, i-TB, ama-STI kanye nodlame olubhekiswe kwabesifazane (GBVF). Imikhankaso yokufinyelela emiphakathini, izingxoxo kanye nezinhlelo zokuqwashisa zidlale indima ebalulekile ekukhuthazeni ukuziphatha okuhle kwezempilo emphakathini.

Back to News